UGenesise 37:5-7
UGenesise 37:5-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele. Wathi kubo: “Ake nizwe iphupho engiliphuphileyo. Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.”
UGenesise 37:5-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”
UGenesise 37:5-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Zwanini leliphupho engiliphuphileyo.” Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami.