UGenesise 31:7-8,13
UGenesise 31:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze. Uma ebethi: ‘Ezimabhadubhadu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala amazinyane amabhadubhadu. Uma eguquka ethi: ‘Zonke ezinemishu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala ezinemishu.
IGenesisi 31:13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
NginguNkulunkulu waseBhethele lapho wagcoba khona insika, wenza nesifungo kimi. Manje suka, uphume kuleli lizwe ubuyele ezweni owazalelwa kulo.’ ”
UGenesise 31:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi. Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.
UGenesise 31:13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”
UGenesise 31:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyihlo wangikhohlisa, waguqula inkokhelo yami kayishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukuthi angilimaze. Uma esho njalo ukuthi: Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wenu; zonke izinkomo zazigqoka ezimanakanaka; futhi uma esho kanje: Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wenu; zonke izinkomo zinemishwe.