UGenesise 28:10-17
UGenesise 28:10-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJakobe wasuka eBheri Sheba walibangisa eHarana. Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala. Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso. USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho. Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho. Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.” UJakobe waphaphama ebuthongweni, wathi: “Nembala uNkulunkulu ukule ndawo, bengingazi.” Ekhungethwe wuvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu, futhi leli yisango lezulu.”
UGenesise 28:10-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana. Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo. Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo. Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho. Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba. Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.” Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: “Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.” Washaywa luvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.”
UGenesise 28:10-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJakobe wasuka eBherisheba waya eHarana. Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha amatshe kuleyondawo, wawabeka phansi emicamelweni yakhe, walala kuleyo ndawo. Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo. Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho; Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba. Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe. UJakobe waphaphama ebuthongweni bakhe, wathi: “Impela uJehova ukhona kule ndawo; futhi bengingakwazi. Wesaba, wathi: “Yeka yeka le ndawo! ayilutho ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu, futhi iyisango lezulu.