KwabaseGalathiya 4:1-3 - Compare All Versions
KwabaseGalathiya 4:1-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke; kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe
KwabaseGalathiya 4:1-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Manje ngithi, ngesikhathi indlalifa iseyingane, ayehlukile neze esigqileni nanxa iyinkosi yakho konke. Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini. Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba.
KwabaseGalathiya 4:1-3 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke; kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe
KwabaseGalathiya 4:1-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)