KwabaseGalathiya 3:19-25
KwabaseGalathiya 3:19-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli. Kepha umlamuleli kasiye owayedwa, kepha uNkulunkulu munye. Ngakho-ke umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Makube njalo, ngokuba uma wawunikiwe umthetho owawungaphilisa, isibili ukulunga ngabe kuvela ngomthetho. Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa kamuva. Ngakho-ke umthetho waba ngumfundisi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kodwa ngemva kokuba ukholo selufikile, asisekho ngaphansi komfundisi.
KwabaseGalathiya 3:19-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli. Umlamuleli ubalulekile uma kukhona izinhla ezimbili; kasiye owoyedwa, kepha uNkulunkulu munye. Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho. Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo. Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa. Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Lokhu ukukholwa sekwafika, asisekho phansi komthetho.
KwabaseGalathiya 3:19-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye. Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.
KwabaseGalathiya 3:19-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)