KwabaseGalathiya 2:9-10
KwabaseGalathiya 2:9-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile. Bathanda ukuthi sikhumbule abayanga; lokho nami ebengikulangazelela ukukwenza.
KwabaseGalathiya 2:9-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo, Kuphela sikhumbule abampofu, okuyiyona nto nami ebengilangezelela ukuyenza.
KwabaseGalathiya 2:9-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo, kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.
KwabaseGalathiya 2:9-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)