UHezekeli 8:11-12 - Compare All Versions
UHezekeli 8:11-12 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”
UHezekeli 8:11-12 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”
UHezekeli 8:11-12 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Kwakumi phambi kwazo amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga endlu yakwa-Israyeli, noJahesaniya indodana kaShafani emi phakathi kwawo, kwaba yilowo nalowo ephethe umcengezi wakhe wempepho esandleni sakhe; kwenyuka ifu elinzima lempepho. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo emakamelweni akhe ezithombe na? ngoba bathi: UJehova akasiboni; uJehova uwushiyile umhlaba.