UHezekeli 6:9 - Compare All Versions
UHezekeli 6:9 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.
UHezekeli 6:9 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
UHezekeli 6:9 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Abaphunyukileyo kini bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayothunjelwa kuzo, ngokuba ngiphukile izinhliziyo zabo eziyisifebe ezingishiyileyo namehlo abo aphinga nezithombe zabo; banengwe ngenxa yobubi ababenzile kuzo zonke izinengiso zabo.