UHezekeli 48:1-35

UHezekeli 48:1-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Nanka amagama ezizwe: UDani uyakuba nesabelo, kusukela emngceleni osenyakatho eceleni komgwaqo eHethiloni kuya eLebho Hamathi, kuze kuyofika eHazari Enani elingumngcele eDamaseku ngasenyakatho eceleni kweHamathi, kuya ohlangothini olusempumalanga kuze kube sentshonalanga. U-Asheri uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaDani, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “UNafethali uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “U-Efrayimi uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaManase, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “URubeni uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “UJuda uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwaJuda, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-25 000, ubude bube njengesinye sezabelo kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. Indlu engcwele iyakuba phakathi naso. “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuSimakade uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ngayizi-10 000. Nanku umnikelo ongcwele: owabaphristi uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ngasenyakatho, entshonalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, empumalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, nangaseningizimu ube ayizi-25 000 ubude. Indlu engcwele kaSimakade iyakuba phakathi nawo. Uyakuba ngowabaphristi, abehlukaniselweyo emadodaneni kaZadoki, abagcine inkonzo yami; abangadukanga ngesikhathi kuduka abakwa-Israyeli, njengoba kwaduka abaLevi. Kuyakuba ngumnikelo okhethekileyo kubo, umnikelo wezwe, endaweni engcwelengcwele, ngasemngceleni wabaLevi. “Maqondana nomngcele wabaphristi, abaLevi bayakuba nesabelo esingamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ayizi-10 000, bonke ubude bube ayizi-25 000, ububanzi bube ayizi-10 000. Abayukuthengisa ngawo, bangananiselani ngawo; lena yindawo ekhethekileyo yezwe, bangalidluliseli komunye umuntu izwe, ngokuba lingcwele kuSimakade. “Indawo eseleyo engamakhubhithi ayizi-5 000 ububanzi nangayizi-25 000 ubude, iyakuba ngengengcwele; ibe ngeyomuzi, eyokwakha, neyamadlelo. Umuzi uyakuba phakathi nayo. Nazi izilinganiso zalo izwe: uhlangothi olusenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, oluseningizimu kube ayizi-4 500, olusempumalanga kube ayizi-4 500, nolusentshonalanga kube ayizi-4 500. Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi angama-250, eningizimu abe ngama-250, empumalanga abe ngama-250, nangasentshonalanga abe ngama-250. Indawo eseleyo emaqondana nendawo yomnikelo ongcwele, ubude bayo buyakuba ngamakhubhithi ayizi-10 000 ngasempumalanga, nayizi-10 000 ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele. Izithelo zayo ziyakuba ngukudla kwabasebenza emzini. Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli. Wonke umnikelo uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000, nayizi-25 000, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine nefa lomuzi. “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngapha nangapha komnikelo ongcwele, nefa lomuzi maqondana namakhubhithi ayizi-25 000 zomnikelo ngasemngceleni empumalanga, nasentshonalanga maqondana namakhubhithi ayizi-25 000 ngasemngceleni entshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu. Umnikelo ongcwele nendlu engcwele kuyakuba phakathi nakho. Isabelo sabaLevi nendawo yomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, kuthi okwesikhulu kube phakathi komngcele wakwaJuda nomngcele wakwaBhenjamini. “Izizwe eziseleyo-ke: UBhenjamini uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwaBhenjamini, uSimeyoni uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwaSimeyoni, u-Isakhare uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwa-Isakhare, uZebuloni uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwaZebuloni, uGadi uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. “Ngasemngceleni wakwaGadi, ohlangothini oluseningizimu ngaseningizimu, umngcele uyakusuka eThamari kuze kube semanzini eMeribhathi Kadeshi nasemfudlaneni, ngasoLwandle Olukhulu. “Yilo leli lizwe eniyakulehlukanisa ngonkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli. Ilezo-ke izabelo zazo, kusho iNkosi uSimakade.” “Nanka amasango okuphuma omuzi: Kusukela ohlangothini olusenyakatho kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500 ngokulinganisa. Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye kuyakuba yisango lakwaRubeni, elinye kube ngelakwaJuda, elinye kube ngelakwaLevi. “Nasohlangothini olusempumalanga kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, namasango amathathu: elinye kube yisango lakwaJosefa, elinye kube ngelakwaBhenjamini, elinye kube ngelakwaDani. “Nasohlangothini oluseningizimu kuyakuba yizi-4 500 ngokulinganisa, namasango amathathu: elinye kuyakuba yisango lakwaSimeyoni, elinye kube ngelakwa-Isakhare, elinye kube ngelakwaZebuloni. “Ohlangothini olusentshonalanga kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-4 500, namasango awo amathathu: elinye kuyakuba yisango lakwaGadi, elinye kube ngelakwa-Asheri, elinye kube ngelakwaNafetali. “Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke. “Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”

UHezekeli 48:1-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakuba nesabelo, abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga. “Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso. “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo. Uyakuba ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi. Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi. “Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova. “Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo. Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu. Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu. Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini. Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli. Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi. “Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho. Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini. “Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwa-Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo. “Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu. “Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova. “Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa. Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi. “Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani. “Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni. “Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali. “Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”

UHezekeli 48:1-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lawa angamagama ezizwe. Kusukela ekupheleni enyakatho, kuze kube semkhawulweni wogu lwendlela yaseHetiloni, ukuya eHamati, naseHasarenani, umkhawulo waseDamaseku ngasenyakatho, kuze kufike ogwini lwaseHamati; ngokuba lezi yizinhlangothi zalo ngasempumalanga nasentshonalanga; isabelo sikaDan. Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga: u-Asheri, libe linye. Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali, uyakuba nesabelo. Ngasemdeni kaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uManase, libe linye. Eceleni komkhawulo kaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi abe nesabelo. Ngasemdeni ka-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uRubeni, libe linye. Eceleni komkhawulo kaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uJuda, libe linye. Ngasemdeni kaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, umnikelo oyakuletha uyakuba yizinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ububanzi nobude njengesinye sezinye, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga nendlu engcwele kumelwe ibe kuyo. Umnikelo womlilo oyowuletha kuJehova kumelwe ube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi. Futhi kubo, kubapristi, lesi sipho esingcwele kumelwe sibe; ngasenyakatho izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, nasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude; nendlu engcwele kaJehova iyakuba phakathi kwayo. Kumelwe kube ngeyabapristi abangcwelisiwe emadodaneni kaSadoki; abagcina inkonzo yami, abangadukanga ekudukeni kwabantwana bakwa-Israyeli njengokuduka kwamaLevi. Lo mhlatshelo wezwe onikelwayo uyakuba yinto engcwelengcwele kubo emngceleni wamaLevi. “Ngaphezu komkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi; bonke ubude bube ngamashumi amabini anamahlanu amawaka, nobubanzi bube lishumi lamawaka. Abayikuthengisa ngalo, bangawenana, bangawehlukanisi ngezibulo lezwe, ngokuba lingcwele kuJehova. Izinkulungwane ezinhlanu ezisele ebubanzini ngokumelene nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ziyakuba yindawo eyinqambi yomuzi, indawo yokuhlala nedlelo; umuzi kumelwe ube phakathi kwawo. Lezi ziyakuba yizilinganiso zakhe; icala lasenyakatho ngamawaka amane anamakhulu amahlanu, icala langasezantsi libe ngamawaka amane anamakhulu amahlanu, icala lasempumalanga libe ngamawaka amane anamakhulu amahlanu, icala lasentshonalanga libe ngamawaka amane anamakhulu amahlanu. Idlelo lomuzi liyakuba ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, naseningizimu libe ngamakhulu amabili namashumi amahlanu, nasempumalanga libe ngamakhulu amabili namashumi amahlanu, nangasentshonalanga libe ngamakhulu amabili namashumi amahlanu. Okuseleyo kubude bomnikelo wenkonzo engcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga; kumelwe kube ngokumelene nomnikelo wengxenye engcwele; futhi umkhiqizo wawo kumelwe ube ukudla kwabasebenzi bomuzi. Abakhonza emzini kumelwe bawukhonze bevela kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli. Wonke umnikelo wokudla uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu; ninikele ngomnikelo ongcwele wokudla kanye nempahla yomuzi. Okuseleyo kuyakuba ngeyesikhulu, ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nowefa lomuzi, izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo wokudla ngasemkhawulweni wasempumalanga nasentshonalanga ngasentshonalanga. Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemngceleni osentshonalanga, ngokumelene nezindawo zesikhulu; kuyakuba ngumnikelo ongcwele wokudla; nendlu engcwele yendlu iyakuba phakathi kwawo. Kusukela empahleni yamaLevi nasezweni lomuzi, phakathi komkhawulo wesikhulu, phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini, kuyakuba ngokwesikhulu. Ngokuqondene nazo zonke ezinye izizwe, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube sohlangothini olusentshonalanga, uBhenjamini kumelwe abe nesabelo. Eceleni komkhawulo wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo. Ngasemdeni kaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga u-Isakare, libe linye. Ngasemdeni ke kaIsakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni, libe linye. Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi, libe linye. Eceleni komngcele kaGadi, ohlangothini oluseningizimu, ukuya eningizimu, umkhawulo uyakuba kusukela eTamari kuze kube semanzini okuphikisana eKadeshi, nasemfuleni, kuze kube seLwandle Olukhulu. Leli yizwe okumelwe ulabele izizwe zakwa-Israyeli ngenkatho njengefa, futhi lezi yizabelo zazo, isho iNkosi uJehova. Lezi ziyizindawo zokuphuma zomuzi ohlangothini lwasenyakatho: amakori ayizinkulungwane ezine namakhulu amahlanu. Amasango omuzi ayakuba ngokwamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu ngasenyakatho; elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi. Ngecala lasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu amahlanu namasango amathathu; isango likaJosefa elilodwa, isango lakwaBenjamini elilodwa, isango lakwaDani elilodwa. Ehlangothini oluseningizimu, izilinganiso eziyizinkulungwane ezine namakhulu amahlanu, namasango amathathu; elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni. Ngecala lasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu amahlanu namasango awo amathathu; elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali. Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.