UHezekeli 47:1-23 - Compare All Versions

UHezekeli 47:1-23 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare. Wayesengikhipha ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni esempumalanga. Bheka, kwakuphophoza amanzi ohlangothini lwaseningizimu. Kwase kuphuma umuntu, eya ngasempumalanga, ephethe umucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa kwaba ngamakhubhithi ayinkulungwane, wayesengiweza emanzini, amanzi ayefinyelela emaqakaleni. Wabuye walinganisa enye inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi ayesefinyelela amadolweni. Walinganisa enye futhi inkulungwane, wangiweza emanzini, amanzi ayesefinyelela okhalo. Waphinda walinganisa enye inkulungwane; kwakungumfula engangingekwazi ukuwuwela, ngokuba amanzi ayesejulile, sekungamanzi okubhukuda kuwo, umfula okungenakuweleka kuwo. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile yini na?” Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula. Kuthe sengibuyile, ngabona izihlahla eziningi kakhulu osebeni lomfula, ziwuphahlile. Wayesethi kimi: “Lawa manzi agelezela esifundeni empumalanga, ehlele e-Araba, aye olwandle, angene khona; lawa manzi aphophozayo aya olwandle, ukuze amanzi alo abe masha. Noma kuphi lapho umfula ugelezela khona, zonke izidalwa eziphilayo eziswebezelayo ziyakuphila, kube khona izinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba lawo manzi ayakuba esegelezele khona. Abadobi bezinhlanzi bayakuma ogwini lolwandle, kusukela e-Eni Gedi kuya e-Eni Egilayimi; kuyakuba yindawo yokuphonsa amanetha, kudotshwe izinhlanzi ezinhlobonhlobo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyukwenziwa kube kusha, kuyakuyekwa kunosawoti. Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.” Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili. Niyakwabelana lona ngokulinganayo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami, ngafunga ukuba ngilinike okhokho benu; leli lizwe liyakuba yifa lenu. “Lona-ke kuyakuba ngumngcele wezwe: ohlangothini olusenyakatho, kusukela oLwadle Olukhulu ngendlela eseHethiloni, eZedadi, eHamathi, eBherotha, eSibhirayimi ephakathi komngcele eDamaseku naseHamathi, kuze kube seHazeri Hathikhoni eliwumngcele ongaseHawurana. Umngcele osuka olwandle uyakuba yiHazari Enani engumngcele eDamaseku; enyakatho, ngasenyakatho umngcele yiHamathi. Lolu-ke wuhlangothi olusenyakatho. “Uhlangothi olusempulanga, lusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kweGileyadi nakwa-Israyeli. Lolu luyakuba yiJordani; luyakusuka kulo mngcele luze lufike olwandle empumalanga naseThamari. Lolu-ke wuhlangothi olusempumalanga. “Uhlangothi oluseningizimu: Eningizimu luyakusukela eThamari luze lufike emanzini eMeribhathi Kadeshi, ngasemfudlaneni ongasoLwandle Olukhulu. Lolu-ke wuhlangothi oluseningizimu, ngaseningizimu. “Uhlangothi olusentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emngceleni kuze kuqondane neLebo Hamathi. Lolu wuhlangothi olusentshonalanga. “Leli lizwe niyakuzehlukanisela lona ngokwezizwe zakwa-Israyeli. Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli. Kuyakuthi esizweni umfokazi agogobele kuso, nimabele ifa lakhe khona lapho,” kusho iNkosi uSimakade.

UHezekeli 47:1-23 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare. Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene. Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni. Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni. Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?” Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula. Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha. Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo. Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona. Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti. Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.” Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili. Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu. “Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi, naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana. Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho. “Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga. “Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu. “Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga. “Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli. Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 47:1-23 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, kwaphuma amanzi ngaphansi kombundu wendlu ngasempumalanga; ngokuba ingaphambili lendlu lalibheke ngasempumalanga, amanzi aphuma phansi ohlangothini lokunene lwendlu, ohlangothini olungaseningizimu lwe-altare. Wayesengikhipha ngendlela yesango elingasenyakatho, wangihola ngendlela engaphandle, waya esangweni elingaphandle ngendlela ebheke empumalanga; bheka, amanzi aphuma ngakwesokunene. Lapho umuntu ephuma eya ngasempumalanga, enentambo yokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabula emanzini; amanzi ayefika emaqakaleni. Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini; amanzi ayefika emadolweni. Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabula; amanzi ayefika okhalweni. Walinganisa inkulungwane; futhi kwakungumfula engingeke ngiwuwele, ngoba amanzi ayephakama, amanzi okubhukuda kuwo, umfula owawungemulelwa. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona lokhu na? Wayesengiletha, wangibuyisela osebeni lomfula. Lapho ngibuya, bheka, ogwini lomfula kwakukhona imithi eminingi ngalapha nangalapha. Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphuma aye ezweni lasempumalanga, ehlele ehlane, aye olwandle; Futhi kuyokwenzeka ukuthi konke okuphilayo, okunyakazayo, nomaphi lapho imifula ifika khona kuyophila; kuyakuba-khona izinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba lawa manzi ayakufika khona, ngokuba ayakuphiliswa; futhi konke kuyophila lapho umfula ufika. Kuyakuthi abadobi beme kuwo kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Eneglayimi; bayakuba yindawo yokweneka amanetha; izinhlanzi zazo ziyakuba ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. Kodwa izindawo zalo ezinodaka namaxhaphozi alo akuyikuphulukiswa; ziyakunikelwa zibe usawoti. Nangasemfuleni osebeni lwawo ngapha nangapha, zonke izihlahla ziyakumila zibe ukudla, ezimaqabunga ayo angabuni, nesithelo saso singashi; liyakuthela izithelo ezintsha njengezinyanga zalo, ngokuba amanzi alo aphuma endaweni engcwele, nesithelo saso sibe ngukudla, namahlamvu awo abe ngumuthi. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili. Kumelwe nilidle njengefa, omunye kanye nomunye, ngoba ngaphakamisa isandla sami ukuze ngilinike oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu. Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wezwe ngasenyakatho, kusukela oLwandle Olukhulu ngendlela esuka eHeteloni, abantu baye eSedadi; iHamati, neBerotha, neSibrayimi, eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati; iHazarihatikoni elisogwini lwaseHaurani. Umngcele osuka olwandle uyakuba yiHasarenani, umkhawulo waseDamaseku, nenyakatho ukuya ngasenyakatho, nomngcele waseHamati. Lolu wuhlangothi lwasenyakatho. Ehlangothini lwasempumalanga liyakulinganisa kusukela eHaurani naseDamaseku naseGileyadi nasezweni lakwa-Israyeli ngaseJordani, kusukela emngceleni kuze kufike oLwandle LwaseBaltiki. Lolu wuhlangothi lwasempumalanga. Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu, lusukela eTamari, luye emanzini eMeribha eKadeshi, nomfula, kuze kube seLwandle Olukhulu. Lolu yilo uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu. Ngasentshonalanga kuyakuba khona uLwandle Olukhulu kusukela emkhawulweni kuze kube yilapho umuntu ewela ngaphesheya kweHamati. Lolu wuhlangothi lwasentshonalanga. Ngakho kumelwe nihlukanisele leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli. Kumelwe nilabe ngenkatho njengefa lenu nelabafokazi abagogobele phakathi kwenu, abayozala abantwana phakathi kwenu; bayakuba kini njengabazalelwe ezweni phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ayoba nefa kanye nawe phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. “Kuyakuthi esizweni somfokazi ogogobeleyo nimnike ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.