UHezekeli 4:1-8
UHezekeli 4:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi iJerusalema. Uyokwakha khona okokuvimbezela, wakhe udonga lokuvimbezela, wenze khona indunduma, umise izinkambu eduze kwawo, ubeke kuyo imigoqo yokubhidliza nxazonke. Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli. “Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo. Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390. “Kuyothi lapho usuziqedile lezi, uphinde ulale futhi ngohlangothi lwesokunene, ngokwesibili uyothwala isiphambeko sendlu yakwaJuda. Ngikunqumele izinsuku ezingama-40 kulokhu, yilolo nalolo suku lungunyaka. Uyobhekisa ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, ingalo yakho ingemboziwe; uphrofethe, umelane nalo. Ngiyakukubopha ngezintambo, awuyukukwazi ukuguqukela kolunye uhlangothi, zize ziphele izinsuku zokuvimbezela kwakho.
UHezekeli 4:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi, iJerusalema, uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza. Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, uqondise ubuso bakho kuwo, wona uvinjezelwe, uvinjezelwe nguwe. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli. “Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo, ubeke ukona kuka-Israyeli phezu kwalo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo. Ngokuba ngikunqumele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe ngumumo wezinsuku, zingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, bese wuthwala ukona kwendlu yakwa-Israyeli. “Nxa usuziqedile lezi, uyakulala ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ukona kwendlu yakwaJuda, ngikunqumele izinsuku ezingamashumi amane, yilolo nalolo suku lube ngumnyaka. Uyakubhekisa ubuso bakho kukho ukuvinjezelwa kweJerusalema, ingalo yakho yambuliwe, uprofethe ngalo. Bheka, ngifaka amagoda phezu kwakho, awuyikuphenduka uhlangothi ngohlangothi, uze uqede izinsuku zokuvimbezela kwakho.
UHezekeli 4:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nawe, ndodana yomuntu, zithathele ithayela, ulibeke phansi phambi kwakho, uphonse umuzi, iJerusalema, phezu kwalo. Futhi niwuvimbezele, nakhe inqaba ngokumelene nawo, ninqwabele intaba phezu kwawo; Futhi ubeke ibhande ngokumelene nalo, futhi ubeke izinqama zokubhodloza phezu kwalo nxazonke. Zithathele ipani lensimbi, ulibeke njengogange lwensimbi phakathi kwakho nomuzi; ubhekise ubuso bakho kulo, livinjezelwe, wena ulivimbezele. Kuyoba yisibonakaliso endlini ka-Israyeli. Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke ububi bendlu kaIsrayeli phezu kwalo; ngokwenani lezinsuku olala kulo, uyakuthwala ububi babo. Ngokuba nginibekele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe yinani lezinsuku, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye; kanjalo uyakuthwala ububi bendlu yakwa-Israyeli. “Kuyakuthi lapho usuqedile lokho, ulale ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ububi bendlu yakwaJuda izinsuku ezingamashumi amane; Ngakho-ke kumelwe ubhekise ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, futhi ingalo yakho iyokwembulwa, futhi kumelwe uprofethe ngokumelene nayo. Bheka, ngiyakufaka izibopho phezu kwakho, ungaphendukeli kusukela kolunye uhlangothi uye kolunye, uze uqede izinsuku zokuvinjezelwa kwakho.