UHezekeli 33:30-33
UHezekeli 33:30-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Wena-ke ndodana yomuntu, abantu bakini bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, bakhuluma omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzokuzwa ukuthi yizwi elithini elivela kuSimakade.’ Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele. Uyabona-ke, unjengesihlabelelo sothando, unephimbo elimnandi kubo, ulushaya kamnandi ugubhu, bayawezwa amazwi akho, kodwa abenzi lutho ngawo. “Kuyakuthi lapho sekwenzeka lokhu; ngempela kuyeza, bayokwazi lapho ukuthi kwakukhona umphrofethi phakathi kwabo.”
UHezekeli 33:30-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, basho omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova.’ Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo. Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa. “Lapho lokhu kufika – bheka, kuyeza! – bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.”
UHezekeli 33:30-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Wena ndodana yomuntu, abantwana babantu bakini basakhuluma ngawe ezindongeni naseminyango yezindlu, bakhuluma omunye komunye, kube yilowo nalowo kumfowabo, bathi: ‘Wozani nizwe ukuthi liyini izwi. OkukaJehova kuphume. Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo. Bheka, kubo unjengehubo elimnandi kakhulu, onomsindo omnandi, obetha kahle ugubhu; ngokuba bayawezwa amazwi akho, kepha abawenzi. Futhi lapho lokhu kwenzeka, bheka, kuyofika, khona-ke bayokwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.