UHezekeli 33:1-16
UHezekeli 33:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma kubantu bakini, uthi kubo: ‘Ngiyakwehlisela inkemba phezu kwezwe, bese abantu bakhona bekhetha omunye umuntu phakathi kwabo, bambeke abe ngumlindi wabo, kuyothi lapho yena esebona kwehlela inkemba phezu kwezwe, ashaye icilongo, axwayise abantu. Umuntu oyokuzwa ukukhala kwecilongo nokho angaxwayi, kuthi inkemba yehle imbhubhise, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe. Ngokuba ukuzwile ukukhala kwecilongo nokho akaze exwaya; igazi lakhe liyakuba kuye, ngokuba ukuba ubexwayile, ngabe uyisindisile impilo yakhe. Kepha-ke uma umlindi eyibonile inkemba yehla, akaze alishaya icilongo ukuba abantu baxwaye, inkemba ize yehlele kubo, ibhubhise umuntu phakathi kwabo, lowo muntu uyakubhubha ngenxa yokona kwakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’ “Ndodana yomuntu, wena-ke, ngikubeke umlindi wendlu yakwa-Israyeli. Lalela ilizwi eliphuma emlonyeni wami, ubaxwayise, lokho kuvela kimi. Kuyakuthi lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wena ungakhulumi ukuba uxwayise umuntu omubi ayishiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yokona kwakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza kuwe. Kepha uma umxwayisile omubi ukuba ayishiye indlela yakhe, nokho yena akaze ayishiya indlela yakhe, uyakufa nokufa ngenxa yobubi bakhe, kodwa wena uyakube uyihlengile impilo yakho. “Wena ndodana yomuntu, tshela indlu yakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Nisho kanje, nithi: “Ngenxa yokuthi iziphambeko zethu nezono zethu kuphezu kwethu, siyazaca ngenxa yazo, pho-ke sizophila kanjani na?” ’ “Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’ “Kepha wena ndodana yomuntu, batshele abantu bakini, uthi kubo: ‘Ukulunga kolungileyo akusoze kwamsindisa ngosuku ayokona ngalo, nokona komubi akuyukumkhubekisa ngosuku ayophenduka ngalo ekuphambukeni kwakhe, nolungileyo akayukuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’ “Kuyakuthi lapho ngithi kolungileyo uyakuphila nokuphila, kodwa yena ethembele ekulungeni kwakhe, bese enza okubi; akusayukukhunjulwa ngisho nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela ebubini abenzileyo. Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese yena ephenduka esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, yena lowo omubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angakwenzi okubi, impela uyakuphila, angafi. Akayukukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo, ngokuba ukwenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila.
UHezekeli 33:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo, nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe, abethe icilongo, axwayise abantu, okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe. Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile. Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’ “Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi. Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. Kepha uma umxwayisa omubi ukuba ashiye indlela yakhe, abuye kuyo, angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile. “Wena ndodana yomuntu, yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Nisho kanje, nithi: “Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?” ’ Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’ “Kepha wena ndodana yomuntu, yisho kubantwana babantu bakho, uthi: ‘Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe, nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’ Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila, yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo. Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, yena lo mubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi. Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.
UHezekeli 33:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakini uthi kibo: Uba ngiletha inkemba phezu kwelizwe, uba abantu belizwe bethatha indoda emkhawulweni wabo, bambeke umlindi wabo; Lapho ebona inkemba iza phezu kwelizwe, avuthele icilongo, axwayise abantu; Ngakho yilowo nalowo olizwa ukukhala kwecilongo, angaxwayi; uma kufika inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe. Wezwa ukukhala kwecilongo, akaxwayisanga; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe. Kepha omxwayisayo uyakusindisa umphefumulo wakhe. Kepha uma umlindi ebona inkemba iza, angalivutheli icilongo, abantu bengaxwayiswa; uma kufika inkemba, isuse omunye kubo, ususiwe ebubini bakhe; kodwa igazi lakhe ngizalibiza esandleni somlindi. Ngakho wena, ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; ngakho-ke kumelwe uzwe izwi eliphuma emlonyeni wami futhi ubaxwayise ngokusuka kimi. Uma ngithi komubi: ‘O mubi, niyakufa nokufa; uma ungakhulumi ukumxwayisa omubi endleleni yakhe, lowo omubi uyakufa ngobubi bakhe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. Kepha uma umxwayisa omubi endleleni yakhe ukuba abuye kuyo; uma engabuyi endleleni yakhe, uyakufa ebubini bakhe; kodwa uwusindisile umphefumulo wakho. Ngakho-ke, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu kaIsrayeli; Nisho kanje, nithi: “Uma iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, sibuna ngenxa yazo, siyakuphila kanjani na? Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli? Ngakho-ke, ndodana yomuntu, yisho kubantwana babantu bakini ukuthi: Ukulunga kolungileyo akuyikumsindisa ngosuku lwesiphambeko sakhe; ngobubi bakhe; futhi olungileyo ngeke akwazi ukuphila ngokulunga kwakhe ngosuku ona ngalo. Uma ngithi kolungileyo uyakuphila isibili; uma ethembela ekulungeni kwakhe, enze ukungalungi, konke ukulunga kwakhe akuyikukhunjulwa; kepha ngenxa yobubi bakhe abenzileyo, uyakufa ngabo. Futhi lapho ngithi komubi: Impela niyakufa; uma ephenduka esonweni sakhe, enze ukulunga nokulunga; Uma omubi ebuyisela isibambiso, abuyisele lokho akuphangayo, ahambe ngezimiso zokuphila, angoni; uyakuphila impela, akayikufa. Kakukho nesisodwa sezono zakhe abonileyo esiyakukhulunywa ngaye; uyakuphila impela.