UHezekeli 24:15-18
UHezekeli 24:15-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, ngiyakususa kuwe okunxanelekayo emehlweni akho ngokuphazima kweso, kepha ungakhali, ungakhihli sililo, futhi kungaphumi zinyembezi kuwe. Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.” Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kwathi kusihlwa umkami wafa; ngakusasa ekuseni ngenza njengalokhu ngiyaliwe.
UHezekeli 24:15-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla. Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.” Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.
UHezekeli 24:15-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, bheka, ngisusa isifiso samehlo akho ngokushaya; kodwa akumelwe nilile futhi nikhale, nezinyembezi zenu ngeke zigeleze. Yeka ukukhala, ungamlileli ofileyo, bopha ibhande lekhanda lakho phezu kwakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungazimbozi izindebe zakho, ungadli isinkwa sabantu. Ngasengikhuluma ebantwini ekuseni, kwathi sekuhlwile umkami wafa; ekuseni ngenza njengokulaywa kwami.