UHezekeli 20:5-31 - Compare All Versions
UHezekeli 20:5-31 ZUL20 (IsiZulu 2020)
uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe. Ngathi kubo: Makube yilowo nalowo alahle okwenyanyekayo emehlweni akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe. Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe. Ngase ngibakhipha eGibhithe, ngabayisa ehlane. Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza. Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo. “ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule. Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo. Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe, ngokuba bazilahla izehlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawangcolisa amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo. Nokho iso lami lababheka ngesihawu ukuba ngingababhubhisi, ngingabaqedi nya ehlane. Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo. NginguSimakade uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nizigcine izehlulelo zami, nizenze, angcweliswe amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane. Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo. Ngaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele ezizweni, ngibasabalalisele emazweni. Ngokuba abazenzanga izehlulelo zami, bazilahla izimiso zami, bawangcolisa amasabatha ami, amehlo abo alangazelela izithombe zoyise. Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezehlulelo ababengayukuphila ngazo. Ngabangcolisa ngeminikelo yabo ngokudabulisa emlilweni wonke amazibulo, ukuze ngibesabise, yikhona bezokwazi ukuthi nginguSimakade.’ “Ngakho-ke ndodana yomuntu, khuluma kwabendlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kulokhu futhi, oyihlo bangihlambalaza, benza isiphambeko, ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo. Ngase ngithi kubo: iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na?” ’ ” Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo, kuze kube namuhla. “Ngakho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyakuzingcolisa yini nani ngendlela okhokho benu abaziphatha ngayo, nilandele ekuphingeni kwabo okunyanyekayo na? Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
UHezekeli 20:5-31 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.” Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe. Ngathi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, ningazingcolisi ngezithombe zaseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe, abazishiyanga izithombe zaseGibithe; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe. Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe. Ngase ngibakhipha ezweni laseGibithe, ngabangenisa ehlane. Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza. Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo. “ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede. Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo. Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe, ngokuba balahla izahlulelo zami, abahambanga ngezimiso zami, bawona amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo. Nokho iso lami labahawukela ukuze bangachithwa, angibaqedanga ngokupheleleyo ehlane. Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo. NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.” “ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane. Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo. Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni, ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise. Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo. Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’ “Ngalokho, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi. Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa. Ngase ngithi kubo: Iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na?’ ” Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo kuze kube namuhla. “Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na? Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
UHezekeli 20:5-31 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli, ngaphakamisela isandla sami enzalweni yendlu kaJakobe, ngazibonakalisa kubo ezweni laseGibithe, ngiphakamisela kubo isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke. Ngase ngithi kubo: “Lahlani, kube yilowo nalowo izinengiso zamehlo akhe, ningazingcolisi ngonkulunkulu abangcolileyo baseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe. Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe. Yingakho ngabakhipha ezweni laseGibhithe ngabayisa ehlane. Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo. Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo. Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, badelela izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo; amasabatha ami bawangcolisa kakhulu; Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwabezizwe, engabakhupha phambi kwamehlo abo. Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke; Ngokuba bazidelela izimiso zami, abahambanga ngezimiso zami, bawona amasabatha ami, ngokuba inhliziyo yabo yalandela izithombe zabo. Kodwa ilihlo lami labahawukela ekubabhubhiseni, njalo kangibaqedanga enkangala. Kodwa ngathi kubantwana babo ehlane: Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningazigcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo. NginguJehova uNkulunkulu wenu; hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze; Futhi ungcwelise amasabatha ami; zibe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu. Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane. Kodwa ngasibuyisa isandla sami ngenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhupha phambi kwamehlo azo. Nami ngiphakamisele isandla sami kubo ehlane ukubahlakazela ezizweni, ngibahlakaze emazweni; ngokuba abagcinanga izimiso zami, badelela izimiso zami, bawona amasabatha ami, amehlo abo alandela izithombe zawoyise. Ngalokho nami ngabanika izimiso ezingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo; Ngabangcolisa ngezipho zabo, ngokudabulisa emlilweni konke okwakuvula isizalo, ukuze ngibenze ihlane, ukuze bazi ukuthi nginguJehova. Ngakho-ke, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kodwa kulokhu oyihlo bangithukile ngokuphambuka kwabo kimi. Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa. Ngasengisithi kubo: Ingaphi indawo ephakemeyo eliya kuyo? Igama layo libizwa ngokuthi iBama kuze kube namuhla. Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ningcolisiwe ngokwesiko lawoyihlo na? futhi baphinge ngezinengiso zabo? Ngokuba lapho niletha izipho zenu, lapho nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla; Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.