UHezekeli 12:1-28
UHezekeli 12:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo. “Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo. Uyowukhipha umthwalo wakho emini bekubuka, njengomthwalo wabaya ekuthunjweni. Wena uyakuphuma kusihlwa bekubuka, njengalabo abaya ekuthunjweni. Gebhula ugange bekubuka, bese uwukhipha lapho umthwalo wakho. Uyakuwuthwala ehlombe bekubuka, uphume nawo sekuhlwile, umboze ubuso bakho ukuze ungaliboni izwe, ngokuba ngikwenze waba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.” Ngenza kanjalo njengoba ngangiyaliwe. Ngawukhipha umthwalo wami emini kwabha, njengomthwalo wokuya ekuthunjweni. Kuthe kusihlwa ngagebhula ugange ngesandla, kwathi lapho sekumnyama, ngawukhipha umthwalo wami, ngawetshatha ehlombe, ngahamba bengibuka. Izwi likaSimakade lafika kimi ekuseni, lathi: “Ndodana yomuntu, ayibuzanga yini kuwe indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, ukuthi: ‘Wenzani na?’ “Yisho kuyo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Lesi yisiphrofetho esimayelana nesikhulu esiseJerusalema, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli nabakulo.” ’ ” “Yisho, uthi: ‘Mina ngiyisibonakaliso kini.’ “Njengalokhu ngenzile, kuyakwenzeka kanjalo kubo. Bayakuya ekuthunjweni beboshiwe. “Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuwetshatha umthwalo ehlombe kusihlwa, sihambe. Bayakugebhula ugange ukuze kukhishwe khona umthwalo; siyokwemboza ubuso baso, ukuba singaliboni izwe ngamehlo aso. Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho. Bonke abasizungezileyo, abasizi baso, nawo wonke amabutho aso, ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngibalandele, ngikhokhe inkemba. “Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni. Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho uqhaqhazela, uphuze amanzi akho uthuthumela, futhi wesaba, bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. Imizi okuhlalwa kuyo iyakubhujiswa, izwe libe yincithakalo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ” Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, saga sini lesi eninaso ezweni lakwa-Israyeli, esithi: ‘Izinsuku ziyedlula, yonke imibono iphenduka ize’ na? “Ngakho yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizosiqeda leso saga, bangaphindi basisho nanini kwa-Israyeli,” ’ ” kodwa-ke khuluma kubo, uthi: “Izinsuku ziyasondela, nemibono iphelela ezeni. “ ‘Ngokuba akusayukuba khona umbono oyize nokubhula okukhohlisayo endlini yakwa-Israyeli. Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ” Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu; indlu ka-Israyeli, ithi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku eziningi ezizayo, uphrofetha ngezikhathi ezisekude.’ “Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
UHezekeli 12:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo. “Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo. Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni. Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona. Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho, ukuze ungaboni izwe, ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.” Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo. Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi: “Ndodana yomuntu, ayishongo kuwe yini indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, yathi: ‘Wenzani na?’ “Thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo.’ Thana: ‘Ngiyisibonakaliso senu;’ njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe. “Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele usubo baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso. Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona. Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo. “Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni. Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.” Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba, uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ” Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na? Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke. Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli. Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ” Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’ “Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”
UHezekeli 12:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo enamehlo okubona, engaboni; banezindlebe zokuzwa, abezwa, ngokuba bayindlu edlubulundayo. Ngakho-ke, ndodana yomuntu, lungisa izinto zakho ozozithatha, uzisuse emini phambi kwamehlo abo; futhi kumelwe usuke endaweni yakho uye kwenye indawo phambi kwamehlo abo; Kumelwe ukhiphe impahla yakho phambi kwamehlo abo emini njengento yokumuka; kumelwe uphume kusihlwa phambi kwamehlo abo njengalabo abaphuma ekudingisweni. Ubhoboza umduli phambi kwamehlo abo, uphume ngalo. Kumelwe ukuthwale emahlombe akho phambi kwamehlo abo, ukukhiphe kuhwalala; kufanele umboze ubuso bakho, ukuze ungawuboni umhlaba; ngoba ngikwenze isibonakaliso kuyo indlu kaIsrayeli. Ngenza njengokulaywa kwami; ngakhipha izinto zami emini njengezinto zokuthunjwa, kwathi sekuhlwile ngabhoboza umduli ngesandla; ngayikhipha kuhwelela, ngayithwala ehlombe phambi kwamehlo abo. Kwathi ekuseni izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, indlu ka-Israyeli, indlu ehlubukayo, ayishongo yini kuwe ukuthi: ‘Wenzani na? Uzakuthi kibo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Lo mthwalo ungowesikhulu saseJerusalema nayo yonke indlu yakwa-Israyeli ephakathi kwayo. Yithi: Mina ngiyisibonakaliso senu; njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakumuka, baye ekuthunjweni. Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe, sihambe kuhwalala; bayobhoboza udonga ukuze balikhiphe; uyosibekela ubuso, ukuze angawuboni umhlaba ngamehlo akhe. Futhi ngiyozendlala phezu kwayo, futhi iyobanjwa ngenetha lami; ngiyakumyisa eBabele ezweni lamaKaledi; nokho akayikuyibona, noma efela khona. Ngiyakuhlakazela kuyo yonke imimoya konke okusizungezayo ukumsiza nawo onke amaviyo akhe; ngiyakuhosha inkemba emva kwabo. Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibahlakazela emazweni. Kodwa ngizayekela amadoda ambalwa kubo asale enkembeni, endlaleni lesifo; ukuze bashumayele zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho beza khona; bazakwazi ukuthi nginguJehova. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuthuthumela futhi uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokunakekela; Uzakuthi ebantwini belizwe: Itsho njalo iNkosi uNkulunkulu kwabakhileyo eJerusalema lelizwe lakoIsrayeli: Bayakudla isinkwa sabo ngokunakekela, baphuze amanzi abo ngokumangala, ukuze izwe lakhe libe yihlane lakho konke okukulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. Imizi ehlalwayo iyochithwa, nezwe libe yihlane; nizokwazi ukuthi nginguJehova. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, siyini isaga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: Izinsuku ziyenziwa, futhi bonke ubuso bayabhubha? Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngiyakwenza ukuba lesi saga siphele, bangabe besakhuluma ngaso kwa-Israyeli; kodwa uthi kubo: Izinsuku sezisondele, nomsebenzi wakho konke okubonwayo. Ngoba ngeke kusaba khona ubuso obuyize nokubhula okuthophayo phakathi kwendlu ka-Israyeli. Ngokuba nginguJehova; Ngizokhuluma, futhi izwi engizolikhuluma liyokwenzeka; akusayikunwetshwa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, bheka, bendlu ka-Israyeli bathi: “Umbono awubonayo ungowezinsuku eziningi, futhi uprofetha ngezikhathi ezikude. Ngakho-ke yithi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Akukho nelilodwa lamazwi ami eliyolindiswa, kodwa izwi engilikhulumile liyokwenzeka, isho iNkosi uJehova.