U-Eksodusi 9:1-9
U-Eksodusi 9:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: “Vumela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze. Ngokuba uma wenqaba ukubavumela ukuba bahambe, ulokhu ubabambile, isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi. Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ” USimakade wanquma isikhathi wathi: “Kusasa uSimakade uzokwenza lokhu ezweni.” Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli. UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe. USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Thathani umlotha eziko ugcwale izandla bese uMose ewuphonsa phezulu emoyeni phambi kukaFaro. Uzakuphenduka uthuli phezu kwezwe lonke iGibhithe, udale amathumba kubantu nasezilwaneni kulo lonke iGibhithe.”
U-Eksodusi 9:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, umtshele ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze. Ngokuba uma wenqaba ukuba bahambe usababambile, bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu. UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ” UJehova wanquma isikhathi, wathi: “Kusasa uJehova uzakwenza lokhu ezweni.” Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa. UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe. UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Caphunani izinkweshe zomlotha waseziko uMose awusakazele ngasezulwini phambi kukaFaro. Uyakuba yibhuqu ezweni lonke laseGibithe, uphenduke amathumba ayakuqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni ezweni lonke laseGibithe.”
U-Eksodusi 9:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yasisithi kuMozisi: Ngena kuFaro, uthi kuye: Itsho njalo iNkosi, uNkulunkulu wamaHebheru: Yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze. Ngokuba uma wala ukubakhulula, ubathulise, Bhekani, isandla sikaJehova siphezu kwezinkomo zenu ezisendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu; kuyoba khona isifo esiwumshayabhuqe esinzima kakhulu. UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, akuyikufa lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli. INkosi yasimisa isikhathi esimisiweyo yathi: Kusasa iNkosi izakwenza lokhu elizweni. INkosi yasikwenza lokho ngangomuso, imfuyo yonke yaseGibithe yafa; kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. UFaro wathuma, bheka, emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe. UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Zithatheleni izandla zomlotha waseziko, uMose awuphonse esibhakabhakeni phambi kwamehlo kaFaro. Kuyoba uthuli oluncane ezweni lonke laseGibhithe, kube yithumba eliqubuka nezikhothwayo kubantu nasezilwaneni ezweni lonke laseGibhithe.