U-Eksodusi 19:3-8
U-Eksodusi 19:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ” UMose wahamba wabiza amalunga abantu, wakhuluma phambi kwawo wonke amazwi uSimakade ayemyale ngawo. Bonke abantu baphendula ngazwi linye, bathi: “Siyokwenza konke uSimakade akushilo kithi.” UMose wabuyisela kuSimakade wonke amazwi ayekhulunywe ngabantu.
U-Eksodusi 19:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ” UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo. Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.
U-Eksodusi 19:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wakhuphukela kuNkulunkulu, uJehova wambiza esentabeni, wathi: “Uyakusho kanje kuyo indlu kaJakobe, usho kubantwana bakwa-Israyeli; Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi nesizwe esingcwele. Lawa ngamazwi okumelwe uwakhulume kubantwana bakwa-Israyeli. UMose weza wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwawo onke lawa mazwi uJehova amyale ngawo. Bonke abantu baphendula kanyekanye bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela amazwi abantu kuJehova.