U-Eksodusi 18:13-20 - Compare All Versions

U-Eksodusi 18:13-20 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngakusasa uMose wahlalela ukwehlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu. Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa. Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu; bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze.

U-Eksodusi 18:13-20 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu. Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu, ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza.

U-Eksodusi 18:13-20 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Kwathi ngangomuso uMose wahlala ukwahlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Lapho umukhwe kaMose ebona konke akwenzela abantu, wathi: “Iyini le nto oyenza kubantu? Uhlalelani wedwa, nabantu bonke bema kuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe? UMozisi wasesithi kuyisezala: Ngoba abantu beza kimi ukubuza kuNkulunkulu. Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe. Wayesethi umukhwe kaMose kuye: “Ayiyinhle le nto oyenzayo; Ngokuqinisekile uzokhathala, wena nalaba bantu abakanye nawe, ngoba le nto inzima kakhulu kuwe; awukwazi ukukwenza ngokwakho. Manje lalela izwi lami, ngizokululeka, futhi uNkulunkulu uyakuba nawe: yiba noNkulunkulu kubantu, ukuze ulethe izindaba kuNkulunkulu. Futhi kumelwe ubafundise izimiso nemithetho futhi ubabonise indlela okufanele bahambe ngayo nomsebenzi okufanele bawenze.