I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

U-Esteri 3:7 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

U-Esteri 3:7 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla izinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.

U-Esteri 3:7 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.

U-Esteri 3:7 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari.