Skip to content
I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli

U-Esteri 2:9 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

U-Esteri 2:9 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.

U-Esteri 2:9 ZUL20 (IsiZulu 2020)

U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.

U-Esteri 2:9 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Intombi yamthokozisa, yathola umusa kuyo; washesha wamnika izinto zakhe zokuhlanjululwa, nakho konke okwakhe, nezintombi eziyisikhombisa abemelwe ukuziphiwa, ziphuma endlini yenkosi; wamkhetha yena nezincekukazi zakhe phezu kwendawo enhle kunazo zonke yendlu yabesifazane.