U-Esteri 2:2-7 - Compare All Versions
U-Esteri 2:2-7 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Inkosi mayifunelwe izintombi ezibukekayo, inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola. Intombi enhle emehlweni enkosi mayibe yinkosikazi esikhundleni sikaVashiti.” Yaba nhle leyo nto emehlweni enkosi, yenze njalo. Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini, owayethunjiwe eJerusalema kanye nabathunjwa ababethunjwe noJekoniya, inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.
U-Esteri 2:2-7 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Izinsizwa ezazisiza inkosi zathi kuyo: “Inkosi mayifunelwe izintombi ezinhle. Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo. Inkosi mayikhethe intombi eyoyithanda, ibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashithi.” Sayithokozisa inkosi leso seluleko, yenza kanjalo. Kwakukhona eShushani inhlokomuzi, uMoridekhayi umJuda, indodana kaJayiri, kaShimeyi, kaKhishi wakwaBhenjamini, owayethunjwe eJerusalema nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngesikhathi ithumba uJekhoniya, inkosi yakwaJuda. Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe.
U-Esteri 2:2-7 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Izinceku zenkosi ezimkhonzayo zathi: “Inkosi mayifunelwe izintombi ezinhle; Inkosi mayimise izinduna kuzo zonke izifunda zombuso wayo ukuba zibuthe zonke izintombi ezinhle esigodlweni saseSusa, endlini yabesifazane, ngaphansi kwesandla sikaHege, induna yenkosi, umlindi wabesifazane. Intombazane enhle enkosini mayibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashiti. Le ndaba yaba mnandi enkosini; Futhi wakwenza. Kwakukhona esigodlweni saseShushani umJuda othile ogama lakhe linguMoridegayi indodana kaJayire kaSimeyi kaKishi wakwaBenjamini; abathunjwa eJerusalema kanye nokuthunjwa kanye noJekoniya, inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Wayesondla uHadasa, ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi; ngokuba yayingenayise noma unina, intombazana yayiyinhle, iyinhle; uMoridekayi wafa uyise nonina wayithatha yaba yindodakazi yakhe.