U-Esteri 2:15-16 - Compare All Versions

U-Esteri 2:15-16 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo. U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

U-Esteri 2:15-16 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe. Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

U-Esteri 2:15-16 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Lapho kufika ithuba lika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi, owamthatha ukuba abe indodakazi yakhe, wangena enkosini, akafunanga lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, inceku yenkosi, umlindi wenkosi. Abesifazane, abamisiwe. U-Esteri wazuza umusa emehlweni abo bonke abambonayo. Ngakho u-Esteri wayiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yayo yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.