U-Esteri 1:20-22
U-Esteri 1:20-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uma abantu kuwo wonke umbuso wakithi, njengoba umkhulu kangaka, bezwa ngaleso simemezelo, bonke abesifazane, noma ngabe bangabantukazana noma yizikhulu, bayobahlonipha abayeni babo.” Leso seluleko sikaMemukhani sayithokozisa inkosi nezikhulu zayo, inkosi yenza njengoba eyelulekile uMemukhani, yathumela izincwadi kuzo zonke izifundazwe, kuleso naleso sifundazwe, ngokohlelo lokubhala lwakhona, nakulabo bantu ngolimi lwakubo, sigcizelela ukuthi: onke amadoda angomakhonya emizini yawo, nokuthi wulimi lwesizwe sakubo oluzokhulunywa kulelo khaya.
U-Esteri 1:20-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo, amakhulu namancane.” Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani; yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi, ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.
U-Esteri 1:20-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuthi lapho isimemezelo senkosi eyakusenza saziwe embusweni wayo wonke (ngokuba mkhulu), bonke abesifazane bayakuhlonipha amadoda abo, amakhulu namancane. Leli zwi lalilungile emehlweni enkosi nasezikhulwini; inkosi yenza njengezwi likaMemukani. Ngoba wathumela izincwadi kuzo zonke izifunda zenkosi, esifundeni ngasinye njengemibhalo yaso, nakubantu ngabanye ngokolimi lwabo, ukuba babuse, kube yilowo nalowo endlini yakhe siqu, nokuthi kwaziwe ngokolimi ngamunye ngamunye womuntu.