Kwabase-Efesu 5:15-17
Kwabase-Efesu 5:15-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
Kwabase-Efesu 5:15-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo; nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.
Kwabase-Efesu 5:15-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
Kwabase-Efesu 5:15-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
Kwabase-Efesu 5:15-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)