UmShumayeli 7:1-6
UmShumayeli 7:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa. Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo. Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula. Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.
UmShumayeli 7:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa. Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize.
UmShumayeli 7:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu. Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Ngokuba njengokuqhuqhumba kwameva ngaphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kwesiwula; nalokho kuyize.