UmShumayeli 3:1-15

UmShumayeli 3:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi komthunzi welanga. Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa; isikhathi sokutshala, nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo; isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha; isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina; isikhathi sokusakaza amatshe, nesikhathi sokuwaqoqa; isikhathi sokugona, nesikhathi sokuchiliza; isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza; isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma; isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula. Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na? Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe. Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe. Lokhu okukhona, sekwake kwaba khona, nalokho okusazoba khona, sekuvele kukhona. UNkulunkulu uyakufuna osekwake kwenzeka.

UmShumayeli 3:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo; isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha; isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina; isikhathi sokuphonsa amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe, isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni; isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla; isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma; isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola. Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na? Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho. Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe. Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.

UmShumayeli 3:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Konke kunesikhathi nesikhathi sayo yonke into phansi kwezulu: Isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa; isikhathi sokutshala nesikhathi sokuvuna okutshaliwe; Isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphulukisa; isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha; isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina; isikhathi sokulahla amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe; isikhathi sokugona, nesikhathi sokuyeka ukugona; isikhathi sokuzuza nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokugcina nesikhathi sokulahla; isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma; isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; isikhathi sempi nesikhathi sokuthula. Usizani osebenzayo ngalokho akukhandlekayo? Ngabona ukubaluleka komzamo uNkulunkulu awunikela kubantwana babantu ukuze baqeqeshwe kuwo. Wenza konke kwaba kuhle ngesikhathi sakho; futhi wafaka izwe enhliziyweni yabo, ukuze kungabikho muntu ongathola umsebenzi uNkulunkulu awenzayo kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe. Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu. Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe. Okwakukhona khathesi; nalokho okuyakuba khona kade kwaba khona; futhi uNkulunkulu uthi lokho okwedlule.