UmShumayeli 2:24-26
UmShumayeli 2:24-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na? Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
UmShumayeli 2:24-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na? Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
UmShumayeli 2:24-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, futhi avumele umphefumulo wakhe ujabulele umsebenzi wakhe kahle. Ngabona futhi ukuthi yayivela esandleni sikaNkulunkulu. Ngokuba ngubani ongadla kakhulu kunami, ngubani ongashesha lapha na? Ngoba uNkulunkulu unika umuntu omuhle emehlweni akhe ukuhlakanipha lolwazi lentokozo, kodwa isoni unika ukuhlupheka ukukuqongelela, ukuze amnike okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kuyize nokuhlushwa komoya.