UDaniyeli 9:25
UDaniyeli 9:25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.
UDaniyeli 9:25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.
UDaniyeli 9:25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.