UDaniyeli 7:1-14
UDaniyeli 7:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo. UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu. Izilo ezine ezinkulu zaphuma olwandle, zehlukile esinye kwesinye. “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’ “Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa. “Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi. “Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja. “Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo omkhulu wamazwi ayekhulunywa luphondo. Ngabuka saze sabulawa isilo umzimba waso wabhujiswa, saphonswa emlilweni ovuthayo. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa zavunyelwa ukuba ziphile kuze kube yisikhathi esithile. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe. Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.
UDaniyeli 7:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba. UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu. Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye. “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’ “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa. “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi. “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu. “Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
UDaniyeli 7:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari inkosi yaseBabele uDaniyeli waba nephupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe; wayesebhala phansi iphupho, walandisa ingqikithi yezindaba. UDaniyeli wakhuluma, wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku, bheka, imimoya yomine yezulu yayibanga ulwandle olukhulu; Izilo ezine ezinkulu zenyuka ziphuma elwandle, yileso naleso sihlukile kwesinye. Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu. Bheka, kwakukhona esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, simi ngalapha, sinezimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; basebesithi kuye: Vuka udle inyama enengi. Emva kwalokho ngabona, bheka, enye ifana nengwe, inamaphiko amane enyoni emhlane wayo; isilo sasinamakhanda amane; lanikwa ukubusa. Emva kwalokho ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwakukhona isilo sesine, esesabekayo, esesabekayo, nesinamandla kakhulu; futhi yayinamazinyo amakhulu ensimbi; ladla, laphuka, lanyathela insali ngezidladla zalo; yayinezimpondo eziyishumi. Ngase ngibheka izimpondo, bheka, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, okwakukhona phambi kwezimpondo ezintathu kwezokuqala ezazisishuliwe izimpande zazo; bheka, kulolu phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu. Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo. Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa. Ngase ngibona ngenxa yezwi lamazwi amakhulu uphondo olwawakhulumayo: Ngabona kwaze kwabulawa isilo, nomzimba waso wachithwa, wanikelwa emlilweni ovuthayo. Kepha ezinye izilwane, ukubusa kwazo kwasuswa, kepha ukuphila kwazo kwandiswa isikhathi nesikhathi. Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe. Yanikwa ukubusa, nenkazimulo, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe ongayikuchithwa.