UDaniyeli 12:1-4
UDaniyeli 12:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini. Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade. Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade. Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”
UDaniyeli 12:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini. Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade. Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade. Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
UDaniyeli 12:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini. Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade. Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade. Kepha wena Daniyeli, thula amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokuphela; abaningi bayogijima baye le nale, futhi ulwazi luyokwanda.