KwabaseKolose 3:12-17
KwabaseKolose 3:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
KwabaseKolose 3:12-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela; nibekezelelana, nithethelelane, uma umuntu enensongo komunye; Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando, oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge. Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi. Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
KwabaseKolose 3:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni; nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo. Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; yibani ngababongayo. Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
KwabaseKolose 3:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
KwabaseKolose 3:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)