KwabaseKolose 1:15-20
KwabaseKolose 1:15-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, izibulo lezidalwa zonke. Ngokuba kwadalwa ngayo zonke izinto ezisezulwini nezisemhlabeni, ezibonakalayo nezingabonakali, kungakhathaliseki ukuthi ziyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma imibuso, noma amandla; Yena ungaphambi kwazo zonke izinto, futhi zonke izinto zihlangana ngayo. Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke. Ngokuba kwamthokozisa uBaba ukuthi ukugcwala konke kuhlale kuye; esenze ukuthula ngegazi lesiphambano sakhe, abuyisane ngayo zonke izinto; ngaye, noma kungokusemhlabeni, noma okusezulwini.
KwabaseKolose 1:15-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo, ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.
KwabaseKolose 1:15-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo; yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke, ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
KwabaseKolose 1:15-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)