IzEnzo 7:2-4 - Compare All Versions
IzEnzo 7:2-4 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje.
IzEnzo 7:2-4 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukhombisa lona.’ “Waphuma ezweni lamaKhaledi, wayokwakha eHarana. Emva kokufa kukayise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli lizwe enakhe kulo nina manje.
IzEnzo 7:2-4 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ “Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje.
IzEnzo 7:2-4 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)