IzEnzo 6:8-10 - Compare All Versions

IzEnzo 6:8-10 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Dlulisela
IzEnzo 6 ZUL59

IzEnzo 6:8-10 ZUL20 (IsiZulu 2020)

UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani. Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Dlulisela
IzEnzo 6 ZUL20

IzEnzo 6:8-10 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kepha uStefanu egcwele ukholo namandla wenza izimangaliso nezimangaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.

Dlulisela
IzEnzo 6 ZULUNT

IzEnzo 6:8-10 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

IzEnzo 6 CZB24