IzEnzo 6:1-4
IzEnzo 6:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke. Abayishumi nambili base bebizela kubo uquqaba lwabafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi. Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi.
IzEnzo 6:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla. Abali-12 babiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi. Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”
IzEnzo 6:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla. Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi. Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”
IzEnzo 6:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)