IzEnzo 25:13-19
IzEnzo 25:13-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi emva kwezinsuku ezithile u-Agripha inkosi noBernike bafika eKesariya ukuyobingelela uFestu. Sebehlale khona izinsuku eziningi, uFestu wayilandisa inkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eshiywe nguFeliksi iboshiwe; okwathi lapho ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela, befuna ukwahlulelwa. Engabaphendula ngathi: Kakusiwo umkhuba wamaRoma ukunikela umuntu ukuthi afe, omangalelweyo engakahlanganisi abammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala lakhe. Ngakho-ke sebefikile lapha, angilibalanga ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba le ndoda ilethwe. Kwathi sebesukuma abamangaleli, kabavezanga cala lalezo zinto engangizicabanga. Kepha babe nezimpikiswano ezithile naye ngenkolo yabo siqu, nangalowo uJesu owafayo, lowo uPawulu athi uyaphila.
IzEnzo 25:13-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe sekwedlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBhernisi bafika eKhesariya ukuyobingelela uFestu. Bahlala khona izinsuku eziningi; uFestu walubeka ezithebeni phambi kwenkosi udaba lukaPawula, wathi: “Kunendoda ethile eyisiboshwa eyashiywa nguFelikisi, okwathi ngiseJerusalema, abaphristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela ngayo becela ukuba ilahlwe ngecala. Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. Ngakho-ke sebebuthene lapha, angipholisanga maseko, ngahlala esihlalweni sokwehlulela ngakusasa. Ngayaleza ukuba le ndoda ilethwe, basukuma-ke, abayimangalelanga ngacala engangilindele ukuthi bazolisho. Kepha babenokuphikisana ngokuthile mayelana nenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu owafayo, athi ngaye uPawula uyaphila.
IzEnzo 25:13-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu. Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe; kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe; ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo. Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe; basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina, kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.
IzEnzo 25:13-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)