IzEnzo 24:14-16 - Compare All Versions

IzEnzo 24:14-16 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.

Dlulisela
IzEnzo 24 ZUL59

IzEnzo 24:14-16 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi; nginethemba kuNkulunkulu abalibhekile nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.

Dlulisela
IzEnzo 24 ZUL20

IzEnzo 24:14-16 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile. Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.

IzEnzo 24:14-16 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi; nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile. Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.

Dlulisela
IzEnzo 24 CZB24