IzEnzo 2:2-3 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
IzEnzo 2:2-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.
IzEnzo 2:2-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo.
IzEnzo 2:2-3 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo.
IzEnzo 2:2-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)