IzEnzo 18:15-28

IzEnzo 18:15-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo. Wasebaxotsha esihlalweni sokwahlulela. Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto. UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso. Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda. Kwathi sebemncenga ukuthi ahlale isikhathi esidana labo, kavumanga; Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. wamuka ngomkhumbi e-Efesu. Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya. Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi. Kwasekufika e-Efesu umJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, ngokuzalelwa e-Aleksandriya, indoda ekhulumayo, enamandla emibhalweni. Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela. Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu. Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele; Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 18

IzEnzo 18:15-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.” Wayesebaxosha phambi kwesihlalo sokwehlulela. Khona bonke badumela uSostene, umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwehlulela, kodwa uGaliyu wakushaya indiva lokho. Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo. Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda. Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma, kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi. Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya. Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi. UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu. Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane. Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu. Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa, ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 18

IzEnzo 18:15-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.” Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela. Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge,* bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho. Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo. Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda. Kwathi bemncenga ukuba ahlale khona isikhathi esidana, akaze avuma, kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi; esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya. Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi. UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu. Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu. Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa, ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 18

IzEnzo 18:15-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo. Wasebaxotsha esihlalweni sokwahlulela. Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto. UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso. Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda. Kwathi sebemncenga ukuthi ahlale isikhathi esidana labo, kavumanga; Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu. Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya. Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi. Kwasekufika e-Efesu umJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, ngokuzalelwa e-Aleksandriya, indoda ekhulumayo, enamandla emibhalweni. Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela. Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu. Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele; Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 18