IzEnzo 10:28 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
IzEnzo 10:28 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.
IzEnzo 10:28 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Wathi kubo: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma ahambelane nowesinye isizwe, kodwa uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nakoyedwa ngithi unechilo noma ungcolile.
IzEnzo 10:28 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wathi kubo: Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma eze kowesinye isizwe; kodwa uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma ungcolile.
IzEnzo 10:28 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Wathi kubo: Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma eze kowesinye isizwe; kodwa uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma ungcolile.