2 kuThimothewu 4:2-5 - Compare All Versions

2 kuThimothewu 4:2-5 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe; njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni. Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.

2 kuThimothewu 4:2-5 ZUL20 (IsiZulu 2020)

shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo. Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.

2 kuThimothewu 4:2-5 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

2 kuThimothewu 4:2-5 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)