2 uSamuweli 1:12 - Compare All Versions

2 uSamuweli 1:12 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba.

2 uSamuweli 1:12 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.

2 uSamuweli 1:12 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, nangenxa kaJonathani indodana yakhe, naphezu kwabantu bakaJehova, naphezu kwendlu yakwa-Israyeli; ngoba bawa ngenkemba.