2 kwabaseKorinte 5:17-21
2 kwabaseKorinte 5:17-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha. Zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana; okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana. Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
2 kwabaseKorinte 5:17-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha. Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana. Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 5:17-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana. Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 5:17-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)