2 kwabaseKorinte 12:11-21

2 kwabaseKorinte 12:11-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho. Impela izibonakaliso zomphostoli zenziwa phakathi kwenu ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, nezimangaliso, nemisebenzi yamandla. Ngokuba kuyini enaba phansi ngakho kunamanye amabandla, ngaphandle kokuthi mina ngokwami angibanga ngumthwalo kini na? ngithethelele okubi. Bhekani, sengilungele ukuza kini ngokwesithathu; njalo kangiyikuba ngumthwalo kini, ngoba kangifuni okwenu, kodwa lina; Mina-ke ngiyakuthokozela kakhulu ukusebenzisa nokusetshenziswa ngenxa yenu; lanxa nginithanda kakhulu, ngithandwa kancinyane. Kodwa makube njalo, angizange nginithwalise nzima; Ngalidla yini ngomunye walabo engabathuma kini? Ngacela uThithu, ngathuma kanye laye umzalwane. UTitosi wanizuza na? asihambanga ngamoya munye na? asihambanga ngezinyathelo ezifanayo? Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo. Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela: Futhi nxa ngifika futhi, uNkulunkulu wami angithobise phakathi kwenu, ngilile abaningi asebevele bonile, abangaphendukanga ekungcoleni, nasebufebeni, nasebubini ababenzayo.

2 kwabaseKorinte 12:11-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho. Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala. Sekungokwesithathu manje ngikulungele ukuza kini; angiyukuba mthwalo kini, ngokuba angifune zinto zenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akusibona abantwana okufanele baqongelelele abazali, kodwa ngabazali abaqongelelela abantwana. Kepha ngizakunikela ngokujabula okukhulu, nginikele ngakho konke, nangami uqobo, ngenxa yemiphefumulo yenu. Pho uma nginithanda kakhulu ngabe kufanele mina ngithandwe kancane yini na? Kepha makube ngukuthi angibanga mthwalo kini, kodwa nibalisa ngokuthi ngaba yiqili, nganilutha ngobuqili. Ngake nganiqola yini ngomunye walabo engabathumela kini na? Ngamnxusa uThithu, ngathumela kanye naye umzalwane. UThithu wake waniqola yini na? Asihambanga ngamoya munye, nangendlela efanayo yini na? Ngabe sonke lesi sikhathi nicabanga ukuthi sizama ukuzivikela yini kini? Sikhuluma sikuKhristu naphambi kukaNkulunkulu. Konke esikwenzayo, bazalwane, kungokokwakha nina. Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu, funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.

2 kwabaseKorinte 12:11-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho. Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala. Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana. Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na? Kepha makube ngukuthi anginisindanga mina, kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili. Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na? Nganxusa uThithu, ngathuma kanye naye umzalwane; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na? Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu. Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu, funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.

2 kwabaseKorinte 12:11-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)