2 kwabaseKorinte 1:16-22
2 kwabaseKorinte 1:16-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ngidlule kini ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini ngivela eMakedoniya, ningiphelezele ngibheke eJudiya. Ngakho-ke lapho ngicabanga kanjalo, ngenza ubuwula na? Noma lokho engikuhlosileyo ngihlose ngokwenyama yini ukuba kimi kube uyebo, yebo, noqhabo? Kodwa njengoba uNkulunkulu eqinisile, ilizwi lethu kini lalingesiye uyebo loqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo. Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi. Osiqinisayo kanye nani kuKristu, nosigcobileyo, nguNkulunkulu; owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.
2 kwabaseKorinte 1:16-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
okokuqala ngiya eMakhedoniya, okwesibili nalapho sengibuya eMakhedoniya ngize kini, bese ngiphelezelwa yini uma sengiya eJudiya. Ngabe ngangidlala yini uma ngihlela ukwenza lokho na? Noma kumbe izinto engizihlelayo ngikwenza lokho ngokwenyama ngilindele ukuthi yebo, yebo, noma qha, qha, ngesikhathi esifanayo na? Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo. Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha nguNkulunkulu osimise kanye nani kuKhristu, nowasigcobayo, nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.
2 kwabaseKorinte 1:16-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya. Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na? Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo. Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo. Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.
2 kwabaseKorinte 1:16-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)