2 iziKronike 24:1-27 - Compare All Versions
2 iziKronike 24:1-27 ZUL20 (IsiZulu 2020)
UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-40 eJerusalema. Igama likanina kwakunguSibhiya waseBheri Sheba. UJowashi wenza okulungile phambi kukaSimakade ngazo zonke izinsuku zokuphila kukaJehoyada, umphristi. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi. Kwathi emveni kwalokho, kwaba senhliziyweni kaJowashi ukuvuselela indlu kaSimakade. Waqoqa abaphristi nabaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda; niqoqe imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu ku-Israyeli wonke, lokho nikwenze unyaka nonyaka: lusukumeleni ngokushesha lolu daba.” Kepha abaLevi abalusukumelanga ngokushesha lolo daba. Inkosi yayisibiza uJehoyada, inhloko, yathi kuye: “Kungani ungajubanga abaLevi ukuba balethe kwaJuda naseJerusalema intela eyamiswa nguMose, inceku kaSimakade, ebandleni lika-Israyeli, ibe ngeyethende lobufakazi na?” Amadodana ka-Athaliya alowo wesifazane okhohlakele, ayefohle angena endlini kaNkulunkulu, futhi asebenzisa zonke izinto ezingcwele zendlu kaSimakade, ezisebenzisela uBhali. Inkosi yabayala ukuba benze umphongolo, bawubeke ngaphandle ngasesangweni lendlu kaSimakade. Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuSimakade intela uMose, inceku kaNkulunkulu, ayeyale u-Israyeli ukuba ayikhokhe esesehlane. Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda. Ngesikhathi umphongolo ulethwa ngabaLevi ezinduneni zenkosi, zazithi uma zibona ukuthi isiningi imali, umbhali wenkosi nenduna yomphristi omkhulu, bayithulule imali emphongolweni, wona bawubuyisele endaweni yawo. Benza kanjalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi. Inkosi noJehoyada banika labo ababenza umsebenzi wokulungisa indlu kaSimakade, imali, baqasha abakhi nababazi ukuba bavuselele indlu kaSimakade, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaSimakade. Izisebenzi zasebenza, kwathi umsebenzi wokulungiswa kwayo waqhubeka ezandleni zazo. Zayilungisa indlu kaNkulunkulu yaba sesimeni sayo, zayiqinisa. Zathi ukuba ziyiqede, zabuyisela enkosini nakuJehoyada yonke imali eyayisele. Kwenziwa ngayo izitsha zendlu kaSimakade, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, izinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Base benikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaSimakade, ngazo zonke izinsuku esaphila uJehoyada. UJehoyada wakhula waze wamdala, wafa esenelisiwe yizinsuku aziphilile; wayeneminyaka eyi-130 ngesikhathi efa. Bamngcwaba emzini kaDavide namakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe. Emveni kokufa kukaJehoyada, kwafika abaholi bakwaJuda, bakhuleka enkosini; inkosi yase iyabalalela. Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho. USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele. UMoya kaNkulunkulu wasibekela uZakhariya, indodana kaJehoyada, umphristi, wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu uthi: ‘Niyeqelani imiyalo kaSimakade, ukuze ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uSimakade, naye unishiyile.’ ” Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe, beyalelwa yinkosi, egcekeni lendlu kaSimakade. Inkosi uJowashi ayikhumbulanga ukwethembeka ayenakho kuye uJehoyada uyise ngesikhathi ibulala indodana yakhe. Lapho isifa yathi: “USimakade makakubone lokhu, aphindisele.” Kwathi ngasekupheleni konyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa bonke abaholi babantu, yathumela yonke impango eyayiyiphange kubantu enkosini yaseDamaseku. Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela. Ngesikhathi sebesuka kuye, bamshiya ngoba wayegula kakhulu, izinceku zakhe zamakhela uzungu, ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umphristi, zambulalela embhedeni wakhe. Wafa, zamngcwaba emzini kaDavide, kodwa azimngcwabanga emadlinzeni amakhosi. Nampa labo abamakhela uzungu: uZabhadi, indodana kaShimeyathi umAmonikazi; noJehozabhadi, indodana kaShimrithi wakwaMowabi. Indaba ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe emlandweni wencwadi yamakhosi. U-Amaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
2 iziKronike 24:1-27 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi. Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova. Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga. Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?” Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali. Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova. Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane. Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda. Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi, nalapho zibona ukuthi imali iningi, umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza, bawuthulula umphongolo, bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo. Benze njalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi. Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova. Zase zisebenza-ke izisebenzi, zalungisa zaqeda ngezandla zazo, zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa. Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada. Kodwa uJehoyada waguga, wafa esanelisiwe yizinsuku; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe. Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe. Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela. Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo. Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe. UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ” Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova. UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.” Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku. Ngokuba impi yase-Aramu yafika neviyo elincane labantu, nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi. Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi. Nampa ababemenzela ugobe: nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi. Ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
2 iziKronike 24:1-27 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; Igama likanina lalinguSibja waseBeri Sheba. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi. UJehoyada wazithathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi. Ngemva kwalokho uJowashi waphuma ukuvuselela indlu kaJehova. Wabiza abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, nibuthe imali ku-Israyeli wonke yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba. Kodwa amaLevi ayengajahile. Inkosi yasibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubacelanga ngani amaLevi ukuba alethe umnikelo ovela kwaJuda naseJerusalema, njengomyalo kaMose, inceku kaJehova, nebandla lamaLevi. Israyeli, ngenxa yetabernakele lobufakazi na? Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane omubi, abhidliza indlu kaNkulunkulu; nazo zonke izipho ezingcwele zendlu kaJehova bazinika oBali. Ngesiyalezo senkosi benza umphongolo, bawubeka ngaphandle esangweni lendlu kaJehova. Bamemeza kwaJuda naseJerusalema ukuba kulethwe umnikelo uMose inceku kaNkulunkulu awubeka phezu kuka-Israyeli ehlane kuJehova. Zonke izikhulu nabo bonke abantu bajabula, bangenisa, baphonsa emphongolweni, baze baqeda. Kwathi umphongolo walethwa esikhundleni senkosi ngesandla samaLevi, futhi lapho ebona ukuthi imali yayiningi, umbhali wenkosi nenhloko yompristi omkhulu bafika bawuthulula umphongolo. Wayithatha wayibuyisela endaweni yakhe. Bakwenza-ke usuku nosuku, babutha imali ngobunengi. Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, baqasha abakhi nababazi ukuba balungise indlu kaJehova, nensimbi nethusi kwendlu yokubuyisela uJehova. Izisebenzi zasebenza, umsebenzi waqedwa yizo, zamisa indlu kaNkulunkulu esimweni sayo, zayiqinisa. Sebeqedile, baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, okwakwenziwe ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonza nezokuhlabela kanyekanye, nezinkezo nezitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa njalo endlini kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada. Kepha uJehoyada wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku ekufeni kwakhe; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe. Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, kuNkulunkulu nasendlini yakhe. Kwathi emva kokufa kukaJehoyada, izikhulu zakwaJuda zeza zakhuleka phambi kwenkosi. Inkosi yabalalela. Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza imithi engcwele nonkulunkulu; uJuda neJerusalema behlelwa yintukuthelo ngenxa yesiphambeko sabo. Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; futhi bafakaza ngokumelene nabo, kodwa abalalelanga. UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaZakariya indodana kaJehoyada umpristi, wema phezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? ngoba nimshiyile uJehova, naye unishiyile. Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova. Ngakho inkosi uJowashi ayizange icabange ngomusa uyise uJehoyada ayemenzele yona, kodwa yabulala indodana yayo. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone, akubuze.” Kwathi ekupheleni komnyaka impi yama-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yachitha zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathumela yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku. Ngokuba impi yama-Aramu yafika nesixuku esincane samadoda; uJehova wanikela esandleni salo impi enkulu kakhulu, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Ngakho bamahlulela uJowashi. Esemukile kuye (ngokuba amshiya enesifo esikhulu), izinceku zakhe zamakhela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela. Emzini kaDavide, kepha abammbelanga emathuneni amakhosi. Laba yibo abamenzela ugobe; uZabadi, indodana kaShimeyati, wakwa-Amoni, noJozabadi, indodana kaZimriti, umMowabi. Ngokuqondene namadodana akhe, nemithwalo emikhulu eyathweswa yena, nokwakhiwa kwendlu kaNkulunkulu weqiniso, bheka, kulotshiwe eNcwadini Yezindaba Zezindaba Zamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.