2 iziKronike 20:21 - Compare All Versions

2 iziKronike 20:21 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”

2 iziKronike 20:21 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”

2 iziKronike 20:21 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngemva kokubonisana nabantu, wabeka abahlabeleli enkazimulweni kaJehova ukuze badumise inkazimulo engcwele lapho bephuma phambi kwebutho, futhi bathi: “Dumisani uJehova! ngokuba umusa wakhe umi phakade.