2 iziKronike 16:7-9 - Compare All Versions
2 iziKronike 16:7-9 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho. AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho. Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”
2 iziKronike 16:7-9 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho. AmaKhushe namaLubi ayengesiyo yini impi enkulu, enezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokuba wawuthembele kuSimakade, Yena wayinikela esandleni sakho. Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”
2 iziKronike 16:7-9 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Ngaleso sikhathi uHanani umboni weza ku-Asa inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencika enkosini yase-Aramu, ungathembelanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu yaphunyuka esandleni sakho isandla sakho. AmaKushe namaLubi ayengelona yini ibutho elikhulu, elinezinqola eziningi nabamahhashi? kodwa ngenxa yokuthi wethembele kuJehova, wawanikela esandleni sakho. Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.