1 kuThimothewu 3:1-7
1 kuThimothewu 3:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle; Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa; Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo; ongamela kahle owakhe umuzi, enabantwana abamthobela ngakho konke ukuhlonipheka; (Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?) angabi ngosafufusa, funa azikhukhumeze awele ekulahlweni kukaSathane. Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.
1 kuThimothewu 3:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle. Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa, ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali, ophatha kahle umuzi wakhe; abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke. Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane. Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.
1 kuThimothewu 3:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle. Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa, ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali, ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke – kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? – angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane. Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.
1 kuThimothewu 3:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)